Ukubhala Umbiko (Iriphothi) – Isibonelo sombiko

 JOIN OUR WHATSAPP GROUP. CLICK HERE

Ukubhala Umbiko (Iriphothi) – Isibonelo sombiko

Okulindelekile uma kubhalwa umbiko:

  • Isihloko (siveze ukuthi kumayelana nani)
  • Umbiko kumele ucace ukuthi uya kubani.
  • Usuku
  • Isikhathi
  • Indawo
  • Sebenzisa ulimi oluzwakalayo
  • Chaza isigameko esenzekile.
  • Veza imininingwane yakho
  • Sayina umbiko.
  • Bhala ngenkathi efanele.
  • Amagama awabe inani elifanele.

Isibonelo sokubhala umbiko (iriphothi):

Umyalelo:
Abafundi abavela ezikoleni ezahlukene bebebuka umdlalo wencwadi abayifundayo ehholo lesikole. Ngenkathi sekuphunywa abafundi badudulene abanye bawa base beyalimala kakhulu. Uthishomkhulu ucele ukuba ubhale umbiko ngalokhu okwenzekile.

Bhala umbiko ozowunika uthishomkhulu.

UMBIKO NGOKULIMALA KWABAFUNDI

Uya ku- Mnu. ZZ Malevu-uthishomkhulu waseHlola High School Usuku : 19 Mashi 20..
Isikhathi : Ihora lesi-9 ekuseni
Indawo : Ehholo lesikole

Okwenzekile:

  • Emva kokuphela komdlalo abafundi basukume bonke kanyekanye baya esicabheni sokuphuma.
  • Badudulene ngoba bengakwazi ukuphuma ngesikhathi esisodwa.
  • Abanye abafundi bawe phansi banyathelwa yilaba abajahe ukuphuma.
  • Othisha bamemezile becela abafundi ukuthi bangadudulani.
  • Onogada bazamile ukuvimba abafundi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
  • Abafundi besilisa bona bebedudula kakhulu.
  • Abanye abafundi bamele kude balinda ukuze kuphele isiminyaminya.
  • Othisha abazame ukungene esixukwini nabo bathole ukududuleka balimama.
  • Ngokuphazima kweso abafundi abanyathelekile bese bopha kanti abanye bebequlekile.
  • Kufike abosizo lokuqala bazama ukusiza abafundi abalimele.
  • Abanye baphuthunyiswe esibhedlela ngama-ambulense.
  • Abafundi abalimale kakhulu bekungabesifazane Othisha bacele ukuthi abanye abafundi bangene emabhasini baye ezikoleni.
  • Bonke abafundi nothisha abangalimalanga bathole ukwelulekwa ngokwengqondo

Ubhalwe ngu:

—————————
Isiginesha

How to Pass IsiZulu Language  Grade 12 with distinctions

One of the most significant accomplishments in your academic career is passing matric. It provides access to a wide range of post secondary options and employment possibilities. Use our best study advice to complete your matriculation, and you’ll succeed with flying colors.

  1. Attend class 
  2. Ask questions 
  3. Make notes 
  4. Study 
  5. Practise 
  6. Study groups 
  7. Extra class 
  8. Motivation 
  9. Complete assessments 
  10. Prepare for the Exams in due time

Download Past Exam Papers & Memo per Province

 

 

 JOIN OUR TELEGRAM CHANNEL. CLICK HERE

Be the first to comment

Leave a Reply