Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12

 JOIN OUR WHATSAPP GROUP. CLICK HERE

Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12

Isibonelo sokubhala incwadi yobungani Isizulu Grade 10 -12 Nosuku olubhalwe ngokugcwele, Incwadi yobungani iba nekheli lalowo oyibhalayo. LesiNgisi elibhalwe ngokwesiZulu akusetshenziswe igama lenyanga lesiZulu. Ungambiza ngegama noma umthophe ngesithakazelo; Kusetshenziswa isibingelelo sobungani. Iba nesingeniso umzimba le ncwadi iba nesiphetho. Oyibhalayo uyibhala ngolimi olukhululekile, njengoba kuyincwadi yobungani. Oyibhalayo akumele asebenzise ulimi lwasemgwaqeni okuwulimi olungavumelekile, yize ibhalwa ngolimi olukhululekile.

Isibonelo sencwadi yobungani

P. O. Box 1761
Empangeni 3880
11 Nhlaba 20.

Mzala

Ngajabula ukukubona enkonzweni yePhasika eJozini. Sengidunyazwa yile ndaba engiyizwile yokuthi usuqale imikhutshana engemihle lapho ekhaya.

Ngizwile ukuthi usuqale ukudla izidakamizwa. Akukuhle lokho gazi lami, ngithi angikuxwayise ngobungozi bale nto ozifaka kuyo. Isikole nezidakamizwa akuhambisani, amanzi namafutha. Ngiyakuxwayisa mzala, hlukana nezidakamizwa ngoba zizokwenza ukuthi ungaphumeleli ezifundweni zakho. Okubi kakhulu ngazo ukuthi ziyakubamba zikuthi ngqi kungabe kusaba lula ukuziyeka, kube yizona esezilawula impilo yakho.

Okunye okubi ngezidakamizwa ukuthi zikuholela kwezinye izenzo ezimbi njengokuntshontsha imali, kwazise zimba eqolo. Ungazithola usungumbulali, umdlwenguli ngoba umqondo wakho usuke usulawulwa yizo.
Uzothi ungazelele uzithole sewukhalelwa ngamasongo kaSigonyela, ube ukudla kwejele. Cabanga-ke ikusasa lakho selidicileka phansi. Awucabange nje indumalo anganayo umalume, kwazise ubeke wonke amathemba akhe kuwe.

Angethembe gazi lami ukuthi uyakuzwa engizama ukukusho. Zama ukubaleka kusenesikhathi. Kwesinye isikhathi izidakamizwa zikusanganisa ikhanda. Khumbula isalakutshelwa sibona ngomopho. Khonza kumalume nomalumekazi.

Yimina umzala wakho uSibonelo

How to Pass IsiZulu Language  Grade 12 with distinctions

One of the most significant accomplishments in your academic career is passing matric. It provides access to a wide range of post secondary options and employment possibilities. Use our best study advice to complete your matriculation, and you’ll succeed with flying colors.

  1. Attend class 
  2. Ask questions 
  3. Make notes 
  4. Study 
  5. Practise 
  6. Study groups 
  7. Extra class 
  8. Motivation 
  9. Complete assessments 
  10. Prepare for the Exams in due time

Download Past Exam Papers & Memo per Province

 

 JOIN OUR TELEGRAM CHANNEL. CLICK HERE

Be the first to comment

Leave a Reply